I-adopshini isho ukwamukela ukuba ngumgadi ngokomthetho wengane, ngokulandela inqubo yosiko nesemthethweni yengane engeyabanye abazali ngokuzalwa. Ingane engeyona eyakho ngokuzalwa oyithathayo ukuze uyondle uyithathe kubazali bayo ebese ibekwa ngokomthetho kubazali abangabanakekeli, noma endaweni yokunakekelwa kuyo.
Ingane ingamukelwa engeyona eyakho ngokuzalwa.
umuntu oshadile, owakwakhe ongumzali wengane; noma ubaba ngokuzala wengane ezalelwe ngaphandle komendo.
Kumele ube nezindlela zokunakekela kanye nokukhokhela imfundo yayo.
Kumele ube negama elihle, ube ngumuntu omuhle nofanele ukuthenjwa nokunakekela ingane.
Uma ungesona isakhamuzi saseNingizimu Afrika, kumele kube ukufanele ukuba yisakhamuzi noma usuwenze isicelo sokuba yisakhamuzi.
Ukwamukela ingane ngendlela yemfihlo , lapho khona abazali abangavunyelwe ukuwazi ukuthi ngobani abantu abathatha lengane ukuyinakekela, noma lapho abanakekeli bezohamba ngemuva kokuthatha ingane, kulawulwa yisigaba 18 somthetho wonakekelo lwezingane iChild Care Act, 1983, nakhona kungenzeka uma inkantolo yezingane yeneliseka ngokuthi lokhu kuzoba yinzuzo enganeni nokubonelela kakhulu isidingo sengane.
Uma inkantolo yezingane ibeke ukuthi ingane noma izingane zidinga unakekelo kanye nokuvikelwa, umantshi wenkantolo yezingane uzobeka lezi zingane kunakekelo, endaweni ehlala izingane, esikoleni semboni noma endaweni yokuvikeleka. Kodwa, ingane noma izingane zingabekwa ngaphansi konakekelo lomzali, umnakekeli noma umgadi, lapho ezizoba ngaphansi kweso kasonhlalonhle. Kulesi simo, aboMnyango wezeNtuthuko yaBantu bakhokhela umzali onakekela ingane imali yosizo lomxhaso , kubazali abanakekela ingane.
Isiphakamiso sokwamukelwa kwengane kumele kube ngesibonelela isidingo sengane kanye nokuba yinzuzo ekuphileni kahle kwengane.
Hamba uye kumabhalane wenkantolo yezingane kudistriki lapho ingane ehlala khona.
Ingane ngokwayo, uma ingaphezulu kweminyaka engu-10; kanti inkantolo kumele yeneliseke ukuthi ingane iyaqondisisa ngokubunjalo kanye nokubaluleka kwalokho kuvuma.
Umzali owemukele ingane ukuze ayinakekele , onakekela leyo ngane, uma umzali engakenzi isicelo sokwamukela leyo ngane ukuyinakekela . Uma umzali owemukela ingane ukuyinakekela ehluleka ukunikeza ukuvuma kwakhe kokwamukela ingane esikhathini esiyinyanga, ngemuva kokuba ecelwe ukwenza kanjalo ngumsizi enkantolo yezingane, inqubo ye-adopshini ingaqhubeka ngaphandle kokuvuma kwakhe okudingekayo.
Akukho ukuvuma okubhaliwe okudingekayo ngaphansi kwezimo ezilandelayo.
uma umzali wengane, ngokulandela isigaba 16 ifakelwe ngaphansi konakekelo lomzali womnakekeli , noma iyingane efuna esikoleni sendawo yezingane noma esikoleni semboni; noma egodla ukuvuma kwakhe ngesizathu esingazwakali.
Ukugunyazisa ukwemukelwa kwengane ngomunye ongeyena umzali kuvame ukuthatha isikhathi eside kanti kungathatha isikhathi eside nakakhulu uma udaba luyisixaka-xaka.
Maqondana nezindleko zemibuzo, xhumana nama-ejensi afanele okugunyazisa ukwamukelwa kwezingane, izinkantolo zeZingane kanye nabehhovisi lezeNtuthuko yaBantu.
